IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

ULwesine, Januwari 23, 2020

1. Kuyini Ukuba Sesimweni Somuntu? Iyini Ingqikithi Yokuba sesimweni Somuntu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu.

UMsombuluko, Januwari 20, 2020

1. Uyini Umsebenzi Wokuphatha Isintu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso.

ULwesihlanu, Januwari 17, 2020

1. Ukubaluleka Komsebenzi KaNkulunkulu Wamazwi

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi.

ULwesibili, Januwari 14, 2020

5. Kufanele Ukholwe Kanjani KuNkulunkulu Ukuze Usindiswe futhi Upheleliswe?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umuntu ofuna ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele aqale aqonde ukuthi kusho ukuthini ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele abe kuziphi izimo ukuze apheleliswe uNkulunkulu, bese efuna umgudu azohamba kuwo uma esezazi lezo zinto. Umuntu kumele abe nobuntu obuthile ukuze apheleliswe uNkulunkulu. Abaningi abanabo ubuntu obudingekayo, okudinga ukuthi umuntu asebenze kanzima futhi okudinga ukuthi umuntu azikhandle. Labo abanobuntu obungatheni, kufanele bazabalaze kakhudlwana. Lapho kwanda ukuqonda kwenu amazwi kaNkulunkulu yilapho niwenza nakakhulu khona, yilapho nishesha khona ukungena endleleni yokupheleliswa uNkulunkulu.

UMgqibelo, Januwari 11, 2020

3. Umehluko Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Nomsebenzi WoMoya

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo.

ULwesine, Januwari 9, 2020

South African Gospel Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 5 (Zulu Subs)



South African Gospel Music “Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni” Okugqamile 5: Ithemba Lekhulunyaka Selifezekile Ekugcineni (Zulu Subs)

Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

ULwesibili, Januwari 7, 2020

4. Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Obe Yinyama

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova.

ISonto, Januwari 5, 2020

1. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nowomuntu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu uwodwa umela ukunyakaza nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho umsebenzi wabaphostoli ulandela umsebenzi kaNkulunkulu futhi awusiholi isikhathi somlando, noma akumeli umsebenzi oqhubekayo kaMoya oNgcwele kuso sonke isikhathi somlando. Benza umsebenzi okumele wenziwe ngabantu kuphela, okungabandakanyi umsebenzi wokuqondisa.

ULwesihlanu, Januwari 3, 2020

Zulu gospel worship song "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni" Okugqamile 3 (Zulu Subs)



Zulu gospel worship song "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni" Okugqamile 3: Izulu Nomhlaba Okusha Emva Kwenhlekelele (Zulu Subs)

Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

ULwesithathu, Januwari 1, 2020

2. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaMoya Ongcwele Nowemimoya Emibi


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu uba ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe esonakele esinobusathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso.