Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Insindiso Emangalisayo. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Insindiso Emangalisayo. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesibili, Okthoba 2, 2018

Phakathi Kwenhlekele Ngabona Ukuvikelwa WuNkulunkulu

UZhang Min   Edolobheni IBeijing
6 KuNcwaba, 2012 
KuNtulikazi 21, kowezi-2012, laqala lana kanzima ekuseni. Ntambama lapho kwakumele ngiye emhlanganweni, ngabona imvula yayinzima ngaze ngangafuna ukuhamba. Kodwa kwakuba kanye ngeviki, uma ngingayanga yayingekho indlela yokwenza umsebenzi wami webandla. 

UMsombuluko, Septhemba 17, 2018

7. Phakathi Nezinhlekelele Mina Ngabona Isimo Sokulunga SikaNkulunkulu

 ULi Jing, eBeijing 
 KuNcwaba 7, 2012 
Ngalolo suku, laqala ukuna ekuseni. Ngaya emhlanganweni emzini womunye umzalwane ongumfowethu, ngenkathi imvula iya ngokwenyukela kakhulu. Kuthe kushaya intambama laliyithela phansi kungathi ivela emazulwini ngqo. Ngesikhathi siqeda umhlangano wethu, imvula yayisingene egcekeni lalo mfowethu, kodwa ngoba mina ngangikhathazeke ngomndeni wami, ngaphikelela ekhaya. 

6. Umlilo Owathusa Isizwe Esizindeni SaseJiIdolobha lase Tianjin

UChen Yao, waseTianjin 
Isakhiwo iLaide sasingenye yezinxanxathela ezinkulukazi zezitolo esifundeni saseJi. UNhlangulana ziwu 30, 2012 wawunguMgqibelo, iLaide yayinendali, ngakho kwakunesibalo sabathengi abayinqwaba. Ngesikhathi esithile emva kuka-3:00 ngaleyo ntambama, isakhiwo samane sathungeleka ngomlilo ngokuphazima kweso. 

UMgqibelo, Septhemba 15, 2018

Isimo sikaNkulunkulu Siwukulunga futhi ngaPhezu Kwakho Konke Siluthando

UFang Xin, eBeijing 
15 KuNcwaba, 2012 
Kusukela ngowezi-2007, ngenkathi ngemukela umsebenzi wezinsuku zokugcina kaNkulunkulu uSomandla, noma ngangibonakala ebusweni ngimatasa ukufeza imisebenzi yami, angimnikanga uNkulunkulu inhliziyo yami, futhi ngangivame ukuzizwa ngibophekile okwakuze kufike ezingeni lokufuthelana ngenxa yezinkinga zomndeni wami ezingabalulekile. 

UMgqibelo, Juni 16, 2018

Phakathi Kwenhlekelele, Ngabona Isandla SikaNkulunkulu

UYing Xin, eBeijing

15 KuNcwaba, 2012

 Ngomhla lwama- 22 kuNtulikazi 2012, usuku emva kwezikhukhula zaseBeijing ngomhla lwama-21 kuNtulikazi, ngashesha ngayovakashela udade owayesanda ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, ezinyangeni ezimbili phambilini. Kungakabiphi ngingenile emzini wakubo ngenkathi ngibona isigcawu esangimangaza ngaphelelwa amazwi! Ngabona ukuthi imigwaqo ibhidlikile, iveza izisekelo zazo ngaphansi kwetiyela. Yonke indawo kwakunezingcezu zamatshe lawa ayedilike evela entabeni, amakhulu awo enesisindo samathani ambalwa. Udaka lwalunqwabelene amasentimitha angamashumi amathathu ukujula, futhi amanzi emvula ehlika emithambekeni yezintaba ayesevele akha umfula omncane…. Sonke isigodi sasimoshakele, singabonakali ngokuphelele.

ULwesibili, Februwari 6, 2018

4.Ngaphandle Kwensindiso KaNkulunkulu, Ngabe Angikho Lapha Namhlanje

UZhang Jin, EBeijing

Ncwaba 16, 2012

 Ngiwudade omdala onemilenze emibili enenkinga. Ngisho noma isimo sezulu sisihle phandle, nginenkinga yokuhamba, kodwa lapho amanzi kazamcolo esondela ukungigwinya, uNkulunkulu wangivumela ngokumangalisayo ukuthi ngiphunyuke engozini.