Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IVANGELI. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula IVANGELI. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesibili, Okthoba 9, 2018

33. EBhayibhelini kuthiwa, alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elinikwe abantu, kuphela uMsindisi nguJesu Kristu, onguye izolo, nanamuhla, naphakade. Kodwa namuhla kungani nikholwa kuNkulunkulu uSomandla?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha” (IsAmbulo 3:12).

ISonto, Septhemba 30, 2018

UMgqibelo, Septhemba 29, 2018

30. Ngesikhathi uJesu enza umsebenzi Wakhe, waphulukisa abagulayo, wakhipha amadimoni, futhi wenza izibonakaliso nezimangaliso. Kungani uNkulunkulu uSomandla engenzi izibonakaliso nezimangaliso emsebenzini Wakhe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi.

ULwesihlanu, Septhemba 28, 2018

INkosi uJesu isethembise ukuthi, "noma ubani okholwa kuye ngeke abhubhe, kodwa uyokuba nokuphila okuphakade."UNkulunkulu uzokufeza kanjani lokho akushilo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,iNkosi uJesu,uKristu,umusa kaNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Kanjalo noKristu wanikelwa kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abamfunayo uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube ngukusindiswa” (KumaHebheru 9:28).

Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso” (Johane 16:12-13).

ULwesine, Septhemba 27, 2018

28. INkosi uJesu wenze umsebenzi Wakhe wokuhlenga eNkathini Yomusa futhi ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu uSomandla wenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela. Sikubona kanjani ukuthi umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina kanye nomsebenzi wokuhlenga weNkathi Yomusa kuvela kuNkulunkulu oyedwa?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. 

ULwesithathu, Septhemba 26, 2018

1. Kungani uNkulunkulu ebizwa ngamagama ahlukene nangezinkathi ezihlukene? Yini ukubaluleka kwamagama kaNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? 

UMsombuluko, Septhemba 24, 2018

51. Ngabona Insindiso KaNkulunkulu

uNkulunkulu,Unyazi Lwasempumalanga,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UCheng Hao Edolobheni LaseYongzhou, Esifundazweni SaseHunan

Ngomusa kaNkulunkulu, umkami kanye nami sakhushulelwa esikhundleni sokuba ngabesibili eqenjini levangeli ukuze senze imisebenzi yethu. Esikhathi esifushane esedlule, umkami wakhushulelwa esikhundleni sokuba umqondisi weqembu, ngesikhathi mina, ngokomphumela wokuzithwala nokuziphatha kwami okungekuhle ngalahlekelwa umsebenzi kaMoya oNgcwele ngase ngiphindiselwa ekhaya ukuze ngiyozindla ngezenzo zami.

UMgqibelo, Septhemba 22, 2018

84. Inguquko Yomuntu Owileyo

 mkristu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UTong Xin    Esifundazweni saseFujian
Ngazalelwa ezindaweni ezingaphandle kwasemadolobheni. Ngazalelwa emndenini wabalimi abazithobile futhi phezu kwalokho umndeni wethu wawumbalwa ngokwesibalo, ngakho sasiqinelwa esikhathini esiningi. Ngenkathi ngineminyaka eyi-13, kukhona ingane eyashaywa umuntu othile wangaphandle kwesigodi sethu. 

ULwesihlanu, Septhemba 21, 2018

34. EBhayibhelini kuthiwa, "lo Jesu ofanayo … uyokuza ngendlela efanayo njengoba nimbonile ebuyela ezulwini." Lapho iNkosi ibuya, iyokuza igibele phezu kwefu elimhlophe, kungani kufanele abe yinyama?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Njengoba uJesu ahamba, abafundi bakhe ababemlandela nabo bonke abangcwele ababesindisiwe balibonga igama Lakhe, bebelokhu bemlangazelele kakhulu futhi bemlindile. Bonke labo ababesindiswe ngomusa kaJesu Kristu phakathi neNkathi Yomusa bebelokhu belangazelele lolo suku lwenjabulo phakathi nezinsuku zokugcina, lapho uJesu uMsindisi efika ngefu elimhlophe futhi ebonakala kubantu. Empeleni, lesi yisifiso sabo bonke labo abamukela igama likaJesu uMsindisi namuhla. 

ULwesithathu, Septhemba 19, 2018

35. Kungani iBandla likaNkulunkulu uSomandla lichuma ngokwengeziwe ngesikhathi amabandla eNkathi Yomusa eyincithakalo kangaka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. 

ISonto, Septhemba 9, 2018

75. Uyokwenza muphi umsebenzi uJesu uma eza futhi?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. 

UMgqibelo, Septhemba 8, 2018

27. Sikholwa ukuthi igazi eliyigugu leNkosi selivele lisihlanzile futhi sesingcwelisiwe futhi asiseyibo abesono, ngakho akusekho sidingo sokuthi sithole umsebenzi wokuhlanzwa. Kungani ukusho okunje kungalungile?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Wazi kuphela ukuthi uJesu uzokwehla ngezinsuku zokugcina, kodwa uzokwehla kanjani ngempela? Isoni esifana nawe, esisanda kuhlengwa, futhi esingakaguquki, noma sapheleliswa nguNkulunkulu, ungayifuna inhliziyo kaNkulunkulu? Nina, enisenobumina bakudala, kuyiqiniso ukuthi nisindiswe nguJesu, nokuthi anibaliwe njengezoni ngenxa yensindiso kaNkulunkulu, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi aninasono, nokuthi aningcolile. Ningaba ngcwele kanjani uma ningakaguquki? 

Lapho iNkosi uJesu ibethelwa yathi, "Kufeziwe,"okubonisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu wase uphelile. Ngakho ungasho kanjani ukuthi uNkulunkulu wenze isigaba esengeziwe somsebenzi ukwahlulela, ukuhlanza nokusindisa isintu?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Ngesikhathi uJesu efika, wenza nengxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, wakhuluma amanye amazwi—kodwa msebenzi muni omkhulu awufeza na? Akufeza kakhulu kwakungumsebenzi wokubethelwa. Waba umfanekiso wenyama enesono ukuze aqedele umsebenzi wokubethelwa ahlenge bonke abantu, futhi kwakungenxa yezono zaso sonke isintu ukuba abe ngumhlatshelo wesono. Lona yiwo umsebenzi omkhulu awufeza.

ULwesihlanu, Septhemba 7, 2018

24. Njengoba iNkosi uJesu noNkulunkulu uSomandla benguNkulunkulu ofanayo, ingabe ukukholwa kuJesu kuphela akwanele ukuze umuntu asindiswe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

  Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu.

ULwesine, Septhemba 6, 2018

2. Yini ukuhlwithwa kwangempela?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi Lwasempumalanga

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6).
Bheka, Ngime emnyango, futhi ngiyangqongqoza; uma kukhona umuntu ozwa izwi lami, avule umnyango, ngizongena ngize kuye, futhi ngizodla naye, naye adle nami” (IsAm 3:20).

23. Uma nginokholo kakade eNkosini uJesu, kungani kufanele ngibe nokholo kuNkulunkulu uSomandla ukuze ngithole insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

    Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane.

ULwesithathu, Septhemba 5, 2018

22. Kuyo yonke le minyaka ngokholo lwami eNkosini ngithole izibusiso eziningi futhi ngelashwa ekuguleni. Ngakho uma kudingeka ngibe nokholo kuNkulunkulu uSomandla, ingabe lokho bekungeke kubonise ukungabi nanembeza?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

  Njengoba umuntu ekholwa kuNkulunkulu, kumele alandele eduze ezinyathelweni zikaNkulunkulu, isinyathelo nesinyathelo; kumele “alandele iMvana noma ngabe iya kuphi.” Yilaba bantu kuphela abafuna indlela yeqiniso, yibo abazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu ababhala izincwadi nezimfundiso yilabo abakhishiwe ngumsebenzi kaMoya oNgcwele. Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu.

21. Sixolelwe izono zethu futhi safaneleka ngokholo eNkosini, futhi ngaphezu kwalokho, sidele izinto eziningi, sazidela, futhi sayisebenzela ngokungakhathali iNkosi. Ngikholwa ukutheni lolu hlobo lokholo luzosivumela ukuba sihlwithwe siye embusweni wezulu. Kungani uthi lokhu ngeke kusenze sithole ukungena embusweni wezulu?



Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle? Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi”(Mathewu 7:21-23).

ULwesibili, Septhemba 4, 2018

1.Ukuhlwithwa kufanele kusekelwe emazwini kaNkulunkulu futhi hhayi emicabangweni nasebucikweni bomuntu.

Ibandla, ivangeli Ubufakazi,
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
    “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso Wakho mawufike, intando Yakho yenziwe emhlabeni njengasezulwini” (Mathewu 6:9-10).
    “And I Johane saw the holy city, new Jerusalem, coming down from God out of heaven…Bheka, ithabanekeli likaNkulunkulu likubantu, futhi uyakuhlala nabo, futhi bona babe abantu bakhe, futhi uNkulunkulu ngokwakhe uzokuba nabo, futhi abe nguNkulunkulu wabo” (IsAmbulo 21:2-3).