Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Uchungechunge Lomculo. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Uchungechunge Lomculo. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesibili, Julayi 9, 2019

South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" | God Is Mankind's Only Salvation (Lyrics)



South African Gospel Song | "Qaphelani isiphetho sesintu" | God Is Mankind's Only Salvation (Lyrics Video) 


UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

ULwesihlanu, Juni 14, 2019

South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” (Lyrics Video)



South African Gospel Song | “UNkulunkulu Ubeka Ithemba Lakhe Ngokuphelele Kumuntu” 

I
Kusuka ekuqaleni kuze kube namuhla,
yisintu kuphela esibe nendlela
yokukhuluma noNkulunkulu, sixoxe noNkulunkulu.
Phakathi kwazo zonke izidalwa, zonke izinto eziphilayo,
yisintu kuphela esimazwi aso angaletha
futhi akhulume noNkulunkulu, axoxe noNkulunkulu.

ULwesine, Novemba 8, 2018

Zulu Gospel Song - "Incazelo Yangempela Yokukholwa KuNkulunkulu" (Zulu Subtitles)



Zulu Gospel Song "Incazelo Yangempela Yokukholwa KuNkulunkulu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Abantu abaningi kakhulu bayakholwa, kodwa bambalwa kakhulu abaqondayo ukuthi ukholo kuNkulunkulu lusho ukuthini ngempela,
yini okufanele bayenze ukuze benze ngokuvumelana nenhliziyo kaNkulunkulu.

ULwesibili, Septhemba 18, 2018

South African Gospel Song "Ukuzuza Ukuphila Okuphakade, Kufanele Wazi Umthombo Wakho"



South African Gospel Song "Ukuzuza Ukuphila Okuphakade, Kufanele Wazi Umthombo Wakho"

I
UNkulunkulu uwumthombo wokuphila komuntu; 
izulu nomhlaba kuphila ngamandla Akhe.
Akukho okuphilayo okungazikhulula ekubuseni nasegunyeni likaNkulunkulu.
Akunandaba ukuthi ungubani, 
wonke umuntu kufanele alalele uNkulunkulu,
athobele ukubusa Kwakhe, ukuqondisa nemiyalelo Yakhe!

ULwesihlanu, Septhemba 14, 2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Uyehla Nesahlulelo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu



South African Gospel Song "UNkulunkulu Uyehla Nesahlulelo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
UNkulunkulu Uyehla Nesahlulelo
Esehlela esizweni sikadrako omkhulu obomvu.
UNkulunkulu uyaphenduka abheke umhlaba bese uqala uzamazama.
Ngabe ikhona indawo engabhekani nokwahlulela Kwakhe?
Noma iphile esishayweni asehlisile?
Kuphi naphi lapho Eya khona Usakaza imbewu yencithakalo,
Kodwa ngakho unika insindiso futhi  ekhombisa uthando Lwakhe.
UNkulunkulu ufisa ukwenza abantu abaningi bamazi Yena, baMbone bese bemhlonipha kakhulu.
Abakaze baMbone sonke lesi khathi, kodwa manje Ungokoqobo impela.

ULwesihlanu, Agasti 24, 2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"


South African Gospel Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"

I
Ngezwi likaNkulunkulu elingokoqobo,
ubuthakathaka nokuhlubuka komuntu kuyahlulelwa futhi kwembulwe.
Bese umuntu ethola lokhu akudingayo.
Uyabona ukuthi uNkulunkulu usefikile kulo mhlaba wabantu.

ISonto, Agasti 19, 2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Ufuna Labo Abomele Ukuvela Kwakhe"


South African Gospel Song "UNkulunkulu Ufuna Labo Abomele Ukuvela Kwakhe"

I
UNkulunkulu ufuna labo abamlangazelelayo, abalangazelela ukuthi avele.
UNkulunkulu ufuna labo angamphikisi, abalalelayo njengabantwana phambi Kwakhe.
UNkulunkulu ufuna labo abakwaziyo, abakwazi ukuzwa amazwi Akhe,
bamukele abanike khona bese benikela inhliziyo nomzimba Kuye.

ULwesine, Agasti 16, 2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Uvele eMpumalanga Yomhlaba Ngenkazimulo"

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

South African Gospel Song "UNkulunkulu Uvele eMpumalanga Yomhlaba Ngenkazimulo"

I
UNkulunkulu wenza umsebenzi emhlabeni wonke.
Imisindo yokuduma eMpumalanga ayipheli,
izamazamisa wonke amahlelo nazo zonke izinkolo.
Yizwi likaNkulunkulu elilethe konke esikhathini samanje.

UMsombuluko, Agasti 13, 2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Ufuna Labo Abomele Ukuvela Kwakhe"



South African Gospel Song "UNkulunkulu Ufuna Labo Abomele Ukuvela Kwakhe"

I
UNkulunkulu ufuna labo abamlangazelelayo, abalangazelela ukuthi avele.
UNkulunkulu ufuna labo angamphikisi, abalalelayo njengabantwana phambi Kwakhe.
UNkulunkulu ufuna labo abakwaziyo, abakwazi ukuzwa amazwi Akhe,
bamukele abanike khona bese benikela inhliziyo nomzimba Kuye.

UMgqibelo, Agasti 11, 2018

Christ Gospel Muisc "Umbuso" Welcome the Return of God

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Umbuso
I Umbuso, idolobha labangcwele, umbuso kaKristu. Embusweni, umcebo nenkazimulo kaNkulunkulu kuyabonakala. Unyazi luphuma eMpumalanga futhi lukhanyise eNtshonalanga. Ukukhanya kwangempela kulapha, izwi likaNkulunkulu livele lisenyameni. UMsindisi kudala ebuyile, ehla phezu kwefu elimhlophe. Abangcwele namuhla bahlwithiwe phambi kwesihlalo sobukhosi ukuze bakhonze uNkulunkulu. Abangcwele bakudala bavukile futhi ukuma baqine ezinsukwini zokugcina. Abangcwele bashushiswa ngonya eChina, izwe lamadimoni.

UMgqibelo, Julayi 7, 2018

South African Gospel Song "Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


South African Gospel Song "Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Iqiniso lingokoqobo kakhulu kunazo zonke izisho zempilo,
futhi liphakeme kunazo zonke phakathi kwaso sonke isintu.
Libizwa ngesisho sokuphila ngoba liyilokho,
ngoba liyilokho uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha,
uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha.
Alisona isisho esiqoqwe sisuka entweni ethile,
noma ukucashunwa kwamazwi adumile omuntu obalulekile, umuntu obalulekile.
Kodwa yizwi eliya esintwini
livela eNkosini yezinto zonke emhlabeni nasezulwini.

ULwesine, Juni 28, 2018

South African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"


South African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"
I Ngesikhathi salokhu ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu emhlabeni, wenza umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Wonke lo msebenzi unenhloso eyodwa – ukunqoba uSathane ongudeveli. Uyonqoba uSathane ngokunqoba umuntu, nangokukwenza uphelele.

ULwesithathu, Juni 27, 2018

South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"


South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"

I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
Ngisho noma ngabe akukho muntu emhlabeni omukela amazwi Akhe,
ukubaluleka kwawo nosizo lwawo kumuntu akulinganiseki.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.

ISonto, Juni 24, 2018

South African Gospel Music "Ukubonga Nokudumisa KuNkulunkulu USomandla"

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

South African Gospel Music "Ukubonga Nokudumisa KuNkulunkulu USomandla"

Silethwe phambi kukaNkulunkulu. Amazwi Akhe siyawadla futhi siyawaphuza.
Umoya oNgcwele uyakhanyisela, siqonda iqiniso uNkulunkulu alikhulumayo.
Imikhuba yenkolo, siyilahlile, zonke lezo zibopho. Asithiyiwe yimithetho, izinhliziyo zethu zikhululiwe.

ULwesihlanu, Juni 22, 2018

SA Gospel Music "Uthando LukaNkulunkulu Lwenza Sisondelane" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu


"Uthando LukaNkulunkulu Lwenza Sisondelane" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu

Nakuba sihlukaniswe yizilwandle nezintaba ezingenakubalwa,
singabantu ababodwa, akunamingcele phakathi kwethu,
ngesikhumba esinemibala ehlukene futhi sikhuluma izilimi ezehlukene.
Ngoba amazwi kaNkulunkulu uSomandla ayasibiza,
siyaphakanyiswa phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

Best South African Gospel Dance "uNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga" (Zulu)


South African gospel music dance "uNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga" Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu (Zulu)

 I UNkulunkulu unike inkazimulo yakhe ku-Israyeli wase eyisusa, eletha u-Israyeli nabantu bonke eMpumalanga. UNkulunkulu usebaholele bonke ekukhanyeni ukuze babumbane futhi bahlangane nokukhanya, bengasadingi ukufuna ukukhanya. Uzovumela bonke abafunayo babone ukukhanya futhi nenkazimulo aba nayo kwa-Israyeli, babone esehla ngefu elimhlophe phakathi kwabantu, babone amafu amhlophe babone izixheke zezithelo, babon’uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, babon’iNkosi yamaJuda, uMesiya olangazelelwayo, nokuvela okuphelele Kwakhe //eshushiswa amakhosi eminyakeni. 

ULwesithathu, Juni 20, 2018

South African Gospel Music "Ubufakazi Bempilo" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu



South African Gospel Music "Ubufakazi Bempilo" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu

 I Ngelinye ilanga ngingase ngibanjwe futhi ngishushiswe yiCCP, lokhu kuhlupheka kungenxa yokulunga, engikwaziyo enhliziyweni yami. Uma ukuphila kwami kucisha njengenhlansi ngokuphazima kweso, ngisayosho ngokuziqhenya ukuthi ngamukele uKristu wezinsuku zokugcina. Uma ngingakwazi ukubona isigameko esikhulu sokwanda kwevangeli lombuso, ngisayonikela izifiso ezinhle kakhulu. Uma ngingakwazi ukubona usuku lokufezwa kombuso, kodwa ngikwazi ukuhlaza uSathane namuhla, khona-ke inhliziyo yami iyogcwala injabulo nokuthula. Amazwi kaNkulunkulu asabalala umhlaba wonke, ukukhanya kubonakele phakathi kwabantu. Umbuso kaKristu uyaphakama futhi umiswa phakathi kobunzima. Ubumyama sebuzokwedlula, intathakusa elungile ifikile. Isikhathi nokoqobo kwethule ubufakazi ngoNkulunkulu.

ULwesine, Juni 14, 2018

South African Gospel Song "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu"


South African Gospel Song "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu"

I UNkulunkulu waba yinyama ngoba okuqondwe ngumsebenzi Wakhe akuwona umoya kaSathane, noma yini engeyona, engeyona inyama, kodwa ngumuntu. Inyama yomuntu yakhohlakaliswa nguSathane ngakho yase iba yilokho okuqondwe ngumsebenzi kaNkulunkulu. Indawo yensindiso kaNkulunkulu ngumuntu, ngumuntu. Umuntu uyisidalwa esifayo, yinyama negazi kuphela, futhi nguNkulunkulu kuphela ongamsindisa. UNkulunkulu kufanele abhekane nenyama yomuntu, kanye nakho konke umuntu ayikho, ukuze enze umsebenzi Wakhe, athole umphumela omuhle kakhulu. UNkulunkulu kufanele abhekane nenyama, ngoba umuntu uyinyama, engakwazi ukwehlula isono. UNkulunkulu kufanele abhekane nenyama, ngoba umuntu uyinyama, ongakwazi ukuzikhulula ebugqilini benyama. 

ULwesibili, Juni 12, 2018

South African Gospel Song "Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo"

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga


South African Gospel Song "Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo"

I
UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into.
Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana.
UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze.
Wenza nje intando kaYise.

ULwesibili, Juni 5, 2018

South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"


South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe" 

I Ingqikithi kaKristu inqunywa ngumsebenzi namazwi akhe Ngenhliziyo eneqiniso, uqeda lokho akunikiwe, ukhonza uNkulunkulu osezulwini futhi afune intando kaYise. Konke lokhu kunqunywa yingqikithi Yakhe, kanjalo nezambulo Zakhe zemvelo. Zibizwa kanjalo ngoba amazwi Akhe awakhona ukulingisa, noma asuka eminyakeni yokukhuliswa noma ekufundisweni umuntu. Awafundwa noma awokuzihlobisela, kodwa awemvelo. Awu … Awafundwa noma awokuzihlobisela, kodwa awemvelo. Awu …