Nakuba kukhona labo abawafundile amazwi akhulunywe nguNkulunkulu futhi abakwaziyo ukunikeza uhlaka lwawo, ngubani okwazi ukukhuluma ngenhloso yokugcina kaNkulunkulu? Yilokhu umuntu akwesweleyo. Noma kungezunakwa ukuthi uNkulunkulu ukhuluma evela ngakuluphi uhlangothi, inhloso yaKhe ephelele ukwenza abantu bamazi uNkulunkulu osenyameni. Ukuba bekungekho ukungabi nobungcwele—uma konke abenakho bekuyisinongo sikaNkulunkulu ezulwini— okulandela lapho ukuthi bekungezuba nasidingo sokuthi uNkulunkulu asho izinto eziningi. Kungashiwo ukuthi lokho abakweswele abantu kusiza ngokuthi kube yizinto ezihambisanayo namazwi kaNkulunkulu. Okungukuthi, okwehlele umuntu yisendlalelo sokushiwo nguNkulunkulu ngokuqonda kwabantu, ngakho futhi, abantu benza amazwi kaNkulunkulu. Ngokujwayelekile, lokhu kuqondene nokushiwo nguNkulunkulu ngokuqonda kwabantu—kungale ndlela kuphela lapho kungashiwo khona ukuthi yinhlanganisela yethiyori kanye neqiniso, kungaleso sikhathi kuphela lapho abantu bengenziwa ngempumelelo khona ukuthi bazazi bona uqobo. Kungaba yini ukubaluleka kokuthi uNkulunkulu osenyameni akwazi ukufanelana nokuqonda kwabantu uNkulunkulu ebe afakaza kuYe? Eqinisweni kungenxa yokuthi uNkulunkulu usebenza emi ngasohlangothini olungeluhle, esebenzisa ukuqonda kwabantu ukukhanyisa amandla aKhe amakhulu. Akukhona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu lokhu? Konke uNkulunkulu akwenzela uwonkewonke kuhle—ngakho kungani kungadunyiswa kulesi sikhathi? Uma izinto bezifinyelele ezingeni elithile, noma kube ukuthi bekufike usuku, wena, njengoPetru, bewuzokwazi ukwenza imikhuleko esukela ngaphakathi ekujuleni kwakho ngapha usekulingweni? Ngaphandle kuphela, njengoPetru, usakwazi ukudumisa uNkulunkulu usesandleni sikaSathane lapho bekuzoba khona iqiniso “ekukhululweni kukho ukuboshwa nguSathane, ekunqobeni inyama, kanye nasekunqobeni uSathane.” Ngabe lokhu akubona ubufakazi bukaNkulunkulu obungokweqiniso langempela? Yilokhu kuphela okuwumphumela wempumelelo “ubungcwele busondela ukuzokwenza okuthile kanye nomoya okasikhombisa wandiswa ekusebenzeni nomuntu,” ngalokho, futhi, kungaba wumphumela ozuzwe “wuMoya ophuma enyameni.” Ngabe izenzo ezinjalo ziyiqiniso? Bewukujwayele ukulalela iqiniso, khona-ke unalo ulwazi lweqiniso ngeqiniso lanamhlanje? “ANgiceli lutho olungako kumuntu, kodwa abantu bakholwa ngenye indlela. Ngakho-ke, “ukuzithoba” kwabo kuvela eminyakazweni yonke yabo. Bavame ukwethembeka ngokuhamba phambi kwaMi beNgihola, besaba ngokujulile ukuthi ngizolahleka, bethukile ukuthi ngizoduka ehlathini lakudalo ekujuleni kwezintaba. Ngalokho, abantu baNgiholile baqhubeka, besaba ngokujulile ukuthi Ngizohamba Ngingene emhumeni.” Luyini ulwazi lwakho lwala mazwi alula—ngabe ngokweqiniso uyakwazi ukuqonda izimpande zamazwi kaNkulunkulu kulokhu? Ngabe uke waqaphela ukuthi uNkulunkulu ukhulume amazwi anjena ekhulumela kukuphi ukuqonda kwakho? Ngabe ukuqaphela kwakho nsuku zonke kukuleli phuzu? Emushweni wokuqala engxenyeni elandelayo, yini elandela masinya emva kokuthi, uNkulunkulu athi, “Kodwa abantu abayazi intando yaMi bese beqhubeka nokukhulekela izinto kiMi, kungathi ukunotha engikwehlisele kubo akuzanelisi izidingo zabo, kungathi abakufunayo kungaphezu kwengikuhlinzekile.” Kulo musho kuyabonakala ukuthi ukuqonda kwakho yikuphi. uNkulunkulu akakhumbuli noma acwaninge okwenzile ezikhathini ezedlule, ngakho ungazicabangi izinto zesikhathi esedlule. Okubaluleke kakhulu ukuthi uyakwazi ukudala “umoya kaPetru esikhathini sokugcina” endleleni yesikhathi esizayo—unakho ukukholwa kokukwamukela lokhu? Okucelwa nguNkulunkulu kumuntu akulutho ngaphandle kokuthi alingise uPetru, ukuthi abantu ekugcineni bangaphoqa indlela yokuletha ihlazo kudrako omkhulu obomvu. Kungenxa yalokhu ukuthi uNkulunkulu athi, “Ngethemba ukuthi abantu bazimisele ukusebenzisana naMi. Angiceli ukuthi baNgiphekele ukudla okumnandi, noma balungise endaweni ethile efanelekile ukuba ngibeke khona ikhanda….” Emhlabeni, abantu bacelwa ukuthi babe “nomoya kaLei Feng” ngeminyaka yama-1990, kodwa endlini kaNkulunkulu, uNkulunkulu ucela ukuthi udale “isitayela esingajwayelekile sikaPetru.” Uyakuqonda ukuthi lokho yintando kaNkulunkulu? Uyakwazi ngokweqiniso ukukwenza lokhu?
“Ngihamba phezu kwemikhathi, futhi ngenkathi ngihamba ngibuka abantu bomkhathi ngokuphelela kwawo. Oquqabeni lwabantu bomhlaba, akekho noyedwa oseke wawufanela umsebenzi waMi noma othande Mina ngokweqiniso. Ngakho, kulesi sikhathi ngiphefumula ngokukhathazeka, abantu bayahlakazeka masinyane, abasezubuye bahlangane, besaba ngokujulile ukuthi “Ngizobabamba bonke ngenethi eyodwa’” Abaningi abantu, mhlawumbe, bathola la mazwi elukhuni kakhulu ukuwaqonda. Babuza ukuthi kungani uNkulunkulu engaceli izinto eziningi kumuntu, phezu kwalokho uphefumula ngokukhathazeka ngenxa yokuthi akukho noyedwa ongena khaxa emsebenzini waKhe. Ngabe kukhona ukuziphikisa kulokhu? Ngokusobala nje, kukhona—kodwa ngokweqiniso, akukho ukuziphikisa. Mhlawumbe wena uyakhumbula ngenkathi uNkulunkulu ethi, “Wonke amazwi ami azoba nomphumela engiwufunayo.” Ngenkathi uNkulunkulu esebenza esenyameni, abantu begqolozele kuYe zonke izenzo ukubona ukuthi empeleni yini azoyenza. Ngenkathi uNkulunkulu efeza umsebenzi waKhe omusha ewubhekise kuSathane emhlabeni kamoya, kube khona, ngamanye amazwi, ukukhiqizwa kwazo zonke izindlela zokuqonda kubantu emhlabeni ngenxa kaNkulunkulu osenyameni. Ngenkathi uNkulunkulu ephefumula ngokumangala, okungukuthi, ngenkathi ekhuluma ngokuqonda kwawo wonke umuntu, abantu bazama ngawo wonke amandla ukulungisa, nalapho kwaze kwaba khona labo abakholwa ukuthi kabanalo ithemba, ngokuba uNkulunkulu uthi bonke labo abamqondayo Yena bayizitha zaKhe—kubo bonke labo abamqondayo Yena bayizitha zaKhe—ngakho-ke bangenza kanjani abantu ukuthi “bangahlakazeki” ngenxa yalokhu? Ikakhulukazi namuhla, uma isijeziso sesifikile, abantu sebesaba kakhulu ukuthi uNkulunkulu uzobaphelisa. Bakholwa ngukuthi emva kokujeziswa kwabo, uNkulunkulu “uzobabamba bonke ngenethi eyodwa.” Kube ngukuthi amaqiniso kawanjalo: Njengoba uNkulunkulu ethi, “Angifisi ‘ukuthumba’ abantu ekusolweni kwabo, bengezuphunyula. Ngenza nje umsebenzi okumele ngiwenze. Ngizele ukuzocela umuntu ukuba “asize”; ngoba ukuphatha kwaMi kweswele izenzo zomuntu, okungenzeke ukuthi uqedelwe ngokuphelele umsebenzi waMi, okuvimbela umsebenzi wami ukuqhubeka ngempumelelo.” Intando kaNkulunkulu ayibhekisiwe emsebenzini waKhe ukuba uphele lapho abantu befa—kungaba yini ukubaluleka kwalokho? Ngokusebenza nabantu kanye nokubajezisa, uNkulunkulu ube esenza izenzo zaKhe zicace kubo. Ngenxa yokuthi abantu abakaze baqonde ukuthi isijeziso sesikhona vele ephinjeni lamazwi kaNkulunkulu, abakaze bakufake lokhu ezingqondweni zabo. Abantu abakwazi ukuphawula ngesixazululo sabo, ngakho uNkulunkulu akakwazi ukusho okuthile phambi kukaSathane, okube sekuvimba ukuqhubekela phambili komsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho-ke uNkulunkulu uthi, “Ngake Ngammema umuntu ukuba abe yisivakashi endlini yaMi, nokho wabaleka waya le nale ngenxa yokummemeza kwaMi—kwangathi, esikhundleni sokuthi Ngimmeme njengesivakashi, Ngimlethe enkundleni yamacala. Ngakho, indlu yaMi isele ingenalutho, ngokuba umuntu uNgibalekele, uhlala njalo eqaphele ukuthi amelane naMi. Lokhu kuNgishiye Ngingenayo indlela yokufeza ingxenye yomsebenzi waMi.” Kungenxa yamaphutha omuntu emsebenzini waKhe ukuthi uNkulunkulu abeke izidingo zaKhe kumuntu. Futhi kungenxa yokuthi abantu abaphumeleli ukufeza lesi sinyathelo somsebenzi ukuze uNkulunkulu engeze lezi zinkulumo—okungukuthi ngokunembayo “enye ingxenye yomsebenzi kumuntu” yikho uNkulunkulu akhuluma ngakho. Nokho ngeke ngiye ekuthini “ngibabambe bonke ngenethi eyodwa” akhuluma ngakho uNkulunkulu, ngoba lokhu kunomthelela omncane emsebenzini wanamuhla. Ngokujwayelekile, ezinkulumeni zikaNkulunkulu ezibhekiswe emkhathini wonke, amaningi emazwini aKhe abhekiswe kumuntu—kodwa abantu kumele bayiqonde intando kaNkulunkulu; kungabhekwa ukuthi utheni, izinhloso zaKhe zinhle njalo. Kungashiwo ukuthi ngenxa yezindlela uNkulunkulu akhuluma ngazo eziningi kangaka, abantu abanalo iqiniso elipheleleyo ngamazwi kaNkulunkulu, bakholwa ukuthi amaningi kuwo Amazwi kaNkulunkulu akhulunywa ngenxa yezidingo zomsebenzi waKhe, aqukethe okuncane okuliqiniso, okubashiya bengakwazi ukucabanga kahle bengaphakami ngemicabango—ngokuba ekuqondeni kwabo, uNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu, abakwazi ukufinyelela nakancane kuYe, kungathi abazi lutho, abanayo ngisho encane inkomba ngokuthi kumele bawadle kanjani Amazwi kaNkulunkulu. Abantu benza Amazwi kaNkulunkulu abe yinto ekude neyinkimbinkimbi—njengoba uNkulunkulu ethi, “abantu bahlala befuna ukufaka isinongo ezinkulumeni zaMi.” Ngenxa yokuthi imibono iyinkimbinkimbi, futhi “ayifumaneki” kuNkulunkulu, ingxenye yamazwi kaNkulunkulu alawulwa ngumuntu, emshiya engenakho azokukhetha ngaphandle kokukhuluma ngendlela eqondile nelula. Ngenxa yokuthi izinto ezicelwa ngabantu “ziphakeme kakhulu,” nangokuthi ngoba imicabango yabo inothile kakhulu kakhulu—kungathi bayakwazi ukuwelela endaweni kamoya ukubona izenzo zikaSathane—lokhu kunciphisile Amazwi kaNkulunkulu, ngokuthi ukwanda kwalokho uNkulunkulu akushoyo, kuba ukwanda nokukhula kobuso babantu abangathokozile. Kungani bengavele balalele, esikhundleni sokuninga ngesiphelo sabo? Ikuphi inzuzo kulokhu?
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana