Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

ULwesibili, Ephreli 17, 2018

Khona Lapha, Khona Manje, Siyahlangana

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga



Ihubo Lalokho Obhekane Nakho Empilweni
Khona Lapha, Khona Manje, Siyahlangana

I
Siyathandana, siwumndeni. Ah … ah …
Khona lapha, khona manje, siyahlangana;
kuhlangana abantu abathanda uNkulunkulu.
Ngaphandle kokuchema, sinamathelene,
injabulo nobumnandi kugcwalisa izinhliziyo zethu.
Izolo sishiye ihlazo nomuzwa wecala;
namuhla siqonda omunye nomunye,
sihlala othandweni lukaNkulunkulu.
Sindawonye, sijabule, sikhululekile enyameni.
Bafowethu, bodadewethu, thandanani; siwumndeni
Ngaphandle kokuchema, sinamathelene. Ah … ah …
II
Khona lapha, khona manje, siyahlangana;
kuhlangana abantu emhlabeni wonke.
Besonakalisiwe kodwa sasindiswa uNkulunkulu.
Sinolimi olufanayo nenhliziyo efanayo, nesifiso esifanayo.
Sihlanganyela imizwa yethu ngesikhathi sihlukene;
ngisho nesibhekane nakho nolwazi esilutholile.
Manje sihamba endleleni enhle kakhulu yokuphila,
phambi kwethu, ikusasa eliqhakazile lethemba nokukhanya.
Ikusasa eliqhakazile, eligcwele ukukhanya. Ah … ah …
III
Khona lapha, khona manje, siyahlangana;
kodwa maduze sizohlukana.
Sithwaliswe umyalo nentando kaNkulunkulu,
sizohlukana ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu.
Lapho sisendawonye, siyahleka futhi sikhuluma kamnandi,
lapho sihamba, siyakhuthazana.
Uthando lukaNkulunkulu,
umthombo wokuthembeka kwethu kuze kube sekugcineni.
Ukuze sithole ikusasa elihle,
sizokwenza noma yini esingakwenza.
Ukuze sithole ikusasa elihle,
sizokwenza noma yini esingakwenza.

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Awekho amazwana:

Thumela amazwana