Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaNkulunkulu USomandla. Bonisa konke okuthunyelwe

UMgqibelo, Julayi 13, 2019

Isahluko 70

UNkulunkulu USomandla,IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Amazwi KaNkulunkulu | Isahluko 70


Ukuthi imfihlakalo Yami yambuliwe futhi yavezwa obala, ayisafihliwe, kungenxa yomusa Wami nesihawu Sami ngokuphelele. Ukuthi izwi Lami liyabonakala phakathi kwabantu, alisafihlekile, nangokwengeziwe kungenxa yomusa nesihawu Sami. Ngibathanda bonke labo abazikhandla ngobuqotho ngenxa Yami futhi bazinikele Kimi.

ULwesine, Septhemba 13, 2018

Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu

Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile. UNkulunkulu wathumela ukudla esezulwini, amanzi nemana ukuze abantu bayijabulele, futhi kusenjalo nanamuhla: uNkulunkulu ngokwakhe uthumele izinto ezidliwayo neziphuzwayo ukuze abantu bazijabulele, futhi Yena ngokwakhe ulethe iziqalekiso ukuze asole abantu.

ULwesibili, Mashi 13, 2018

Izahluko 24 no-25

 Ngaphandle kokufunda ngokucophelela, akunakwenzeka ukuthola okuthile emazwini alezi zinsuku ezimbili; eqinisweni, bekufanele ngabe akhulunywe usuku olulodwa, kodwa uNkulunkulu uwahlukanisele izinsuku ezimbili.

Izahluko 22 no-23

Namuhla, bonke bafuna ukuqonda intando kaNkulunkulu kanye nokwazi isimo sikaNkulunkulu, kodwa akakho owazi isizathu sokuthi kungani bengakwazi ukulandela izifiso zabo, abazi ukuthi kungani izinhliziyo zabo njalo zibakhaphela, nokuthi kungani bengakwazi ukufeza lokho abakufunayo. Ngenxa yalokho, babhekana nokuphelelwa yithemba okudabukisayo, kodwa futhi banokwesaba. Bengakwazi ukuveza le mizwa engqubuzanayo, okuwukuphela kwento abangayenza ukubhekisa phansi amakhanda abo ngenxa yosizi futhi baqhubeke bezibuza: Ingabe kuwukuthi uNkulunkulu akakangikhanyiseli? 

UMsombuluko, Mashi 12, 2018

Isahluko 21

 Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. Ngalokho, konke lokho isintu sonke esikwenzayo nesikubonakalisayo akukaze kube okwenhliziyo kaNkulunkulu.

Isahluko 20

 UNkulunkulu wadala sonke isintu, futhi usesihole sonke isintu kwaze kwaba namuhla. Kanjalo, uNkulunkulu wazi konke okwenzeka phakathi kwabantu: wazi ububi emhlabeni wabantu, uqonda ubumnandi emhlabeni wabantu, ngakho-ke usuku ngosuku uchaza izimo zempilo yaso sonke isintu, aphinde, phezu kwalokho, abhekane nobuthakathaka nokonakala kwaso sonke isintu.

ISonto, Mashi 11, 2018

Isahluko 19

 Kubonakala sengathi emicabangweni yabantu, uNkulunkulu uphakeme kakhulu futhi akaqondakali. Kusengathi uNkulunkulu akahlali phakathi kwabantu, kusengathi ubabukela phansi abantu ngoba uphakeme kangaka. UNkulunkulu, nokho, uyayiphihliza imicabango yabantu ayiqede yonke, egqiba imicabango yabo “emathuneni” lapho iphenduka khona umlotha.

UMgqibelo, Mashi 10, 2018

Isahluko 16

 Kubantu, uNkulunkulu mkhulu kakhulu, unokuningi kakhulu, umangalisa kakhulu, akaqondakali kakhulu; emehlweni abo, amazwi kaNkulunkulu aphakeme kakhulu, futhi avela njengomsebenzi wobuciko womhlaba omkhulu. Kodwa, ngenxa yokuthi abantu banokwehluleka okuningi, nemiqondo yabo ayihlakaniphile kakhulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi amandla abo okwamukela mancane kakhulu, noma ngabe uNkulunkulu ukhuluma ngokucace kangakanani, balokhu behleli nje benganyakazi, sengathi bagula ngengqondo.

ULwesihlanu, Mashi 9, 2018

Isahluko 14

 Umuntu akaze afunde lutho ezwini likaNkulunkulu. Esikhundleni salokho, umuntu wazisa nje kuphela ingaphezulu lezwi likaNkulunkulu, kodwa engawazi umqondo walo wangempela. Ngakho-ke, noma iningi labantu lilikhonzile izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu uthi empeleni abalazisi. Lokhu kungenxa yokuthi ngokubona kukaNkulunkulu, noma izwi lakhe liyinto ebalulekile, abantu abakabunambithi ubumnandi balo bangempela.

ULwesine, Mashi 8, 2018

Isahluko 13

 UNkulunkulu uyizonda yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi umzonda nakakhulu udrako omkhulu obomvu. Yilena impande yolaka olusenhliziyweni kaNkulunkulu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu ufuna ukuphonsa zonke izinto zikadrako omkhulu obomvu echibini lomlilo nesibabule ukuze azishise ziphele nya.

ULwesithathu, Mashi 7, 2018

Isinamathiselo 2: Izwi Lesibili

 Uma abantu bebona uNkulunkulu wangokoqobo, uma empilweni yabo bephila, behamba, futhi behlala noNkulunkulu Uqobo, bakubeka eceleni ukulangazelela obekusezinhliziyweni zabo eminyakeni eminingi kangaka.

Izwi Lamashumi Amane Nesithupha

  Angazi ukuthi abantu bakahle kangakanani ekwenzeni amazwi Ami abe yisesekelo sobukhona babo. Ngibe nalo njalo ixhala ngesigcino somuntu, kodwa abantu babukeka bengakuqondi lokhu—ngaleso sizathu-ke, abakaze bazinake izenzo Zami, futhi alukaze lwakheke noma yiluphi uthando kubo ngenxa yokuziphatha Kwami kumuntu. Kungathi bawukhiphe kudala umuzwa ojulile wokuba banelise inhliziyo Yami.

ULwesibili, Mashi 6, 2018

Izwi Lamashumi Amane Nesihlanu

 Ngake ngakhetha izimpahla ezisezingeni eliphezulu ukuba zibe sendlini Yami, ukuze kuzo kube nomcebo ongaqhathaniseki, ngalokho bewuzohlotshiswa, lapho ngiyithole khona injabulo. Kodwa ngenxa yesimo sengqondo somuntu Kimi, kanye nangenxa yezisusa zabantu, angibanga nakho okunye ebengingakwenza ngaphandle kokuwubeka eceleni lo msebenzi ngenze omunye.

Isahluko 44

 Abantu baphatha umsebenzi Wami njengento esizayo nje, abadlulwa ukudla noma ukulala ngenxa yawo, ngalokho futhi anginakho okunye engingakukhetha ngaphandle kokwenza izimfuno ezimfanele umuntu ngesimo sengqondo sakhe Ngami. Ngikhumbula ukuthi ngake kanye ngamnika umuntu umusa omkhulu nezibusiso eziningi, kodwa emva kokuzihlwitha lezi zinto wasuka masinyane wahamba.

UMsombuluko, Mashi 5, 2018

Isahluko 43

 Mhlawumbe kungenxa yemithetho yokuphatha Kwami ukuthi abantu “bawathandile” amazwi Ami. Ukuba abengabuswa yizinqumo Zami zokuphatha, wonke abezoba ngukukliwula okufana nokwezingwe eziqeda kuphazanyiswa. Nsuku zonke ngizulazula phezu kwamafu, ngibuka isintu esemboze umhlaba siphithizela, sibekelwe imikhawulo Yimi ngezinqumo Zami zokuphatha.  Ngale ndlela isintu sigcineka sisesimeni esihlelekile, ngakho ngiqhuba izinqumo Zami zokuphatha. 

Isahluko 42

 Masinya lapho kuqala umsebenzi omusha, bonke abantu bangena kabusha, baqhubeka kanye Nami sibambene ngezandla, sihamba emgwaqweni obanzi wasembusweni sindawonye, kukhona futhi ukusondelana phakathi komuntu Nami. Ukukhombisa imizwa Yami, ukuveza isimo Sami sengqondo kumuntu, ngikhulumile njalo-njalo nomuntu. Ingxenye yala mazwi, nokho, kungenzeka ibalimaze abantu, nakuba amanye awo angase abe usizo olukhulu kubo, ngakho ngineseluleko kubantu ukuba balalelisise lokho okuvela emlonyeni Wami.

ISonto, Mashi 4, 2018

Isahluko 40

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,Amazwi KaNkulunkulu

Abantu bagxila kukho konke engikwenzayo, okungathi sengizokwehlisa amazulu, futhi bahlala bedideka ngezenzo Zami, okungathi engikwenzayo abakuqondi. Kanjalo, bagqugquzelwa Yimi kukho konke abakwenzayo, besaba ukuthi bazolicasula Izulu bese belahlelwa “ezweni labafayo.” Angizami ukuthola into engingayisebenzisa ukulwa nabantu, noma ngenze ukuntula kwabo kube yikho okuqondwe umsebenzi Wami. Ngalesi sikhathi, bajabule kakhulu, bese bethembela Kimi. Uma ngibapha, abantu bangithanda njengoba bezithanda bona, kodwa uma kukhona engikucelayo kubo, bayangibalekela. Kungani kunjalo?

UMgqibelo, Mashi 3, 2018

Izwi LamaShumi AmaThathu nesiShiyagalombili

 Kukho konke osekubonwe isintu awukho umfanekiso wami, noma akekho ohola ngamazwi Ami, ngakho ngilokhu ngihlale ngigwema umuntu ngiqhelile ngase ngiyasuka kuye. “Ngenyanya ukungalaleli kwesintu.

Izwi Lamashumi Amathathu Nesithupha

 Konke kuhlelwa yisandla Sami. Ngubani onesibindi sokwenza njengokuthanda kwakhe? Ngubani ongakuguqula kalula? Abantu bazintantela emoyeni, behamba nothuli njengokuhamba kwalo, ubuso babo bungcolile, bubenza babe babi kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Ngibuka ngisemafini ngenhliziyo esindayo: Kungani umuntu, obephuphuma umfutho, eguqukile ekubeni nje? Kungani-ke engakunakile lokhu, elukhuni futhi ngakho? Kungani “ezidedela ahambe” bese ezivumela ukuthi embozwe ukungcola? Lokho kungukungabi naluthando kwakhe nokungazihloniphi yena uqobo. Kungani umuntu ekubalekela lokho engikucelayo?