Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

ULwesibili, Januwari 14, 2020

5. Kufanele Ukholwe Kanjani KuNkulunkulu Ukuze Usindiswe futhi Upheleliswe?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umuntu ofuna ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele aqale aqonde ukuthi kusho ukuthini ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele abe kuziphi izimo ukuze apheleliswe uNkulunkulu, bese efuna umgudu azohamba kuwo uma esezazi lezo zinto. Umuntu kumele abe nobuntu obuthile ukuze apheleliswe uNkulunkulu. Abaningi abanabo ubuntu obudingekayo, okudinga ukuthi umuntu asebenze kanzima futhi okudinga ukuthi umuntu azikhandle. Labo abanobuntu obungatheni, kufanele bazabalaze kakhudlwana. Lapho kwanda ukuqonda kwenu amazwi kaNkulunkulu yilapho niwenza nakakhulu khona, yilapho nishesha khona ukungena endleleni yokupheleliswa uNkulunkulu.
Lapho nithandaza, ningapheleliswa ngaleso sikhathi; ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukubamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, nokuphila ngamazwi kaNkulunkulu, ningapheleliswa; ngokubona amazwi kaNkulunkulu usuku nosuku, ukwazi ukubona okungekho kuwe, ngaphezu kwalokho, ukwazi ukubona izindawo ongenamandla kuzo nobuthaka kuzo, futhi uthandaza kuNkulunkulu—okuyindlela oyopheleliswa ngayo kancane kancane. Izindlela zokupheleliswa: umthandazo, ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuqonda ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu, ukungena ekwazini amazwi kaNkulunkulu, ukwazi izinto enintula kuzo, ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu, ukwazi umthwalo kaNkulunkulu nokushiya inyama ngothando lwakho lukaNkulunkulu, nokuhlangana njalo nabafowenu nodadewenu, okucebisa isipiliyoni senu. Kungaba ukuphila okuhlanganyelwayo noma ukuphila kwakho, kungaba imihlangano emikhulu noma emincane, konke kungakwenza uqongelele isipiliyoni nokuqeqeshwa, ukuze izinhliziyo zenu zibe nokuthula phambi kukaNkulunkulu futhi zibuyele kuNkulunkulu. Yonke lena inqubo yokupheleliswa. Ukwazi amazwi kaNkulunkulu engikhulu[pme ngawo kusho ukuwanambitha ngempela amazwi kaNkulunkulu futhi uvumele amazwi kaNkulunkulu aphile kuwe ukuze ube nokholo oluthe xaxa futhi uthande uNkulunkulu. Ngale ndlela, uyosixosha kancane kancane isimo esikhohlakele sobusathane, uyoziphambukela kancane kancane ezinhlosweni ezingafanele, uphile njengomuntu ojwayelekile. Ukukhula kothando lukaNkulunkulu ngaphakathi kini—okusho ukuthi, ukupheleliswa kweningi lenu uNkulunkulu, ayancipha namathuba okonakaliswa kwenu uSathane. Siyazibonga izinto ezingokoqobo, nizongena kancane kancane endleleni yokupheleliswa. Ngakho, uma nifisa ukupheleliswa, ukwazi ngentando kaNkulunkulu, nokwazi amazwi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu.

Kucashunwe “Yazini Intando KaNkulunkulu Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, uPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, akukho okwaqeda uthando lwakhe lukaNkulunkulu. Ingabe lolu akulona uthando lwakhe olukhulu lukaNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Noma kusekusolweni, ekwahlulelweni, noma osizini, uhlale ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bothando lukaNkulunkulu. Uma umuntu engafeza okungaka, kusho ukuthi uyisidalwa sangempela sikaNkulunkulu, futhi akukho okungcono okwanelisa isifiso soMdali.

Kucashunwe “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma abantu befuna ukuba izidalwa eziphilayo, nokufakaza kuNkulunkulu, nokwamukelwa nguNkulunkulu, kumele bamukele insindiso kaNkulunkulu, kumele bazithobe ngenjabulo ekwahlulelweni nasekusolweni Nguye, futhi kumele ukuthenwa nokusetshenzwa nguNkulunkulu. Yilapho kuphela abangakwazi ukuba nalo lonke iqiniso elifunwa uNkulunkulu ukuba lisebenze, futhi yilapho bezothola khona insindiso kaNkulunkulu, futhi baphinde babe izidalwa eziphilayo.

Kucashunwe “Ingabe Usuyaphila?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abangamlaleli nhlobo uNkulunkulu, abavuma nje igama Lakhe kuphela, abanolwazana ngobuhle nokuthandeka kukaNkulunkulu kodwa abengahambisani nezinyathelo zikaMoya oNgcwele, futhi abangalaleli umsebenzi namazwi amanje kaMoya oNgcwele—labo baphila phakathi komusa kaNkulunkulu, futhi abayikuzuzwa bapheleliswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokulalela kwabo, ekudleni, ekuphuzeni, kanye nasekuthakaseleleni amazwi kaNkulunkulu, nasenhluphekweni nasekwehlelweni ukucwengwa ezimpilweni zabo. Kusekukholweni okunjalo kuphela lapho izimo zabantu zikwazi khona ukuguquka, kulapho kuphela bethola khona ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ukungeneliswa ukuphila emuseni kaNkulunkulu, ngokuzimisela bomele iqiniso, nokufuna iqiniso, nokufisa ukuzuzwa nguNkulunkulu—yilokhu impela okuchaza ukulalela uNkulunkulu; yilolu ncamashi uhlobo lokukholwa alufunayo uNkulunkulu.

Kucashunwe “Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Awekho amazwana:

Thumela amazwana