Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso kaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesibili, Januwari 14, 2020

5. Kufanele Ukholwe Kanjani KuNkulunkulu Ukuze Usindiswe futhi Upheleliswe?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umuntu ofuna ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele aqale aqonde ukuthi kusho ukuthini ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele abe kuziphi izimo ukuze apheleliswe uNkulunkulu, bese efuna umgudu azohamba kuwo uma esezazi lezo zinto. Umuntu kumele abe nobuntu obuthile ukuze apheleliswe uNkulunkulu. Abaningi abanabo ubuntu obudingekayo, okudinga ukuthi umuntu asebenze kanzima futhi okudinga ukuthi umuntu azikhandle. Labo abanobuntu obungatheni, kufanele bazabalaze kakhudlwana. Lapho kwanda ukuqonda kwenu amazwi kaNkulunkulu yilapho niwenza nakakhulu khona, yilapho nishesha khona ukungena endleleni yokupheleliswa uNkulunkulu.

UMsombuluko, Meyi 7, 2018

Kuyini Ukuqonda Kwakho "Izibusiso"?

Nakuba labo abazalwe kule nkathi bebhekene nezimo zokukhohlakala kukaSathane nokungcola kwamadimoni, kuyiqiniso futhi ukuthi bayakwazi ukuzuza insindiso enkulu ngenxa yalokhu kukhohlakala, ngisho nokungaphezulu kwemfuyo egcwele izintaba namathafa kanye nempahla yomndeni enkulu eyazuzwa uJobe, futhi ingaphezu kwesibusiso esatholwa uJobe sokubona uJehova ngemva kwezilingo zakhe. Kwaba kuphela ngemva kokuba uJobe ebhekene nokuvivinywa kokufa lapho ezwa khona amazwi kaJehova. UJobe wezwa iphimbo likaJehova esivunguvungwini, kodwa akazange abubone ubuso bukaJehova futhi akasazanga isimo Sakhe.