Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukwazi uNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukwazi uNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesine, Januwari 23, 2020

1. Kuyini Ukuba Sesimweni Somuntu? Iyini Ingqikithi Yokuba sesimweni Somuntu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu.

UMsombuluko, Disemba 30, 2019

3. Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

uJesu-uKristu,iNkosi uJesu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi.

ULwesine, Disemba 26, 2019

5. Umehluko Phakathi Kokulandela UNkulunkulu Nokulandela Abantu.

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe.

ULwesithathu, Disemba 25, 2019

6. Ukuhlukanisa Phakathi Kwabaholi Bangempela Nabamanga, Naphakathi Kwabelusi Bangempela Nabamanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke. Phezu kwalokho, bangakhula kancane kancane empilweni, baqhubekele eqinisweni ngokujulile.

ULwesihlanu, Novemba 22, 2019

6. Ngonjani umuntu othembekile? Kungani uNkulunkulu ethanda abantu abathembekile?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,iNkosi uJesu,uKristu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu.

ULwesibili, Okthoba 29, 2019

Ukwazi Ukuhlakanipha Nokuba Namandla Onke KukaNkulunkulu Kusukela Ekubuseni Nasekuphatheni Kwakhe Umhlaba Wokomoya

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Ukubhekisa emhlabeni kamoya, uma abehlukahlukene kwabaphilayo benza okungafanele, uma bengawenzi umsebenzi wabo ngendlela eyiyo, uNkulunkulu unayo imithetho ehambisana nalokho emithethweni yasezulwini enemiyalelo alungisa ngayo—kuliqiniso lokhu. Ngakho esikhathini esiyiminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa yokuphatha kukaNkulunkulu imisebenzi Yakhe, ezinye izithunywa Zakhe zenze izinto ezingafanele yanqanyulwa impilo yazo, ezinye, namuhla, zisabanjwa zijeziswe.

ISonto, Okthoba 27, 2019

Ukujikeleza kwempilo Yokuphila Nokufa Kwabantu Abalandela uNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga, mkristu

Ukujikeleza kwempilo Yokuphila Nokufa Kwabantu Abalandela uNkulunkulu


Okulandelayo, masikhulume ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwalabo abalandela uNkulunkulu. Lokhu kuthinta nina, ngakho lalelani. Okokuqala, cabangani ngezigaba abantu abakholwa wuNkulunkulu esingabehlukanisa ngazo. Zimbili: kunabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Okokuqala sizokhuluma ngabakhethwa nguNkulunkulu, abambalwa-ke nokho.

ULwesihlanu, Okthoba 25, 2019

Ukujikeleza Kokuphila Nokufa Kwabantu Abehlukahlukene Benkolo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Siqeda kuxoxa ngokujikeleza kokuphila nokufa esigabeni sokuqala, sabangakholwayo. Manje, make sixoxe ngesigaba sesibili, sabantu abahlukahlukene benkolo. “Ukujikeleza kokuphila nokufa kwabantu abehlukahlukene benkolo” naso yisihloko esibalulekile, futhi kunilungele ukuthi nibe nokuqonda ngakho. Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu.

ULwesithathu, Okthoba 23, 2019

Ukufa nokuphila kwabangakholwayo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.)

UMsombuluko, Okthoba 21, 2019

Uyini umhlaba kamoya

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke.

UMgqibelo, Okthoba 19, 2019

UNkulunkulu Ulinganisa Ubuhlobo Phakathi Kwazo Zonke Izinto Ukuze Anikeze Abantu Indawo Ezinzile Ukuba Baphile

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

…… Okulandelayo, sizokhuluma ngokunye, okuyindlela eyodwa uNkulunkulu alawula ngayo zonke izinto. Lena yindlela, emva kokudala Kwakhe zonke izinto, alinganisa ngayo ukuhlobana kwazo. Lesi ngesinye sezihloko ezibanzi kakhulu kinina. Ukulinganisa ukuhlobana phakathi kwezinto zonke—kungabe yinto lena abantu abangaphumelela kuyo? Abantu uqobo ngeke. Abantu bakwazi ukubhidliza kuphela. Abakwazi ukulinganisa ukuhlobana phakathi kwezinto; abanalo igunya noma amandla amakhulu kanjalo.

ULwesine, Okthoba 17, 2019

UNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwezizwe ezahlukahlukene

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

…… Kungani uNkulunkulu eyahlukanise ngale ndlela? Lokhu kubalulekile kubo bonke abantu—kubalulekile impela! UNkulunkulu wehlukanise imikhawulo ngokohlobo lwalokho okuphilayo ngalunye wayimisela ukuba kuqhubeke impilo ngale ndlela enzela uhlobo ngalunye lomuntu ophilayo. Wayesehlukanisa izinhlobo ezahlukahlukene zabantu nezizwe ezahlukahlukene emhlabeni kanye nemikhawulo emisiwe. Yilokhu esithanda ukuxoxa ngakho ngokulandelayo.

ULwesibili, Okthoba 15, 2019

Imingcele yakhelwe izindlela ezahlukahlukene zokuphila kwabantu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

UNkulunkulu wadala konke okuphilayo wabeka imingcele kukho, wayesenakekela zonke izinhlobo zezinto eziphilayo. Ngenkathi konke okuphilayo kunakekela zonke izinhlobo zezinto eziphilayo, Yena futhi walungisa izindlela ezahlukile zokuphila kwabantu, ngakho kuyabonakala ukuthi abantu abanayo nje indlela eyodwa yokuqhubeka nokuphila. Futhi abanayo inhlalo eyodwa abaqhubeka nokuphila kuyo.

ISonto, Okthoba 13, 2019

UNkulunkulu futhi wabekela izinyoni nezilwane, izinhlanzi, izinambuzane, nazo zonke izitshalo imingcele

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

……Ngenxa yokuthi le mingcele ibekwe nguNkulunkulu, izindawo eziningi ziholele enhlalweni nasempilweni eqhubekayo, kanti le nhlalo nempilo eqhubekayo ibe wusizo ezinhlotsheni ezahlukahlukene zezinyoni kanye nezilwane kwaba khona nezindlela zokuqhubeka nokuphila. Ukusukela kulokhu imingcele yezindawo zokuqhubeka nokuphila ezintweni ezahlukahlukene eziphilayo ibe seyiba khona. Lokhu yikho kuphela esizokhuluma ngakho ngokulandelayo.

ULwesihlanu, Okthoba 11, 2019

UNkulunkulu Ubeka Imingcele Yezimo Zokwakheka Komhlaba Ezehlukene

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,

Namuhla ngizokhuluma ngesihloko esithi lezi zinhlobo zemithetho elethwa nguNkulunkulu kubantu nakuzo zonke izinto eziphilayo zimnakekela kanjani umuntu. Empeleni siyini lesi sihloko? Ngesithi zimnakekela kanjani umuntu lezi zinhlobo zemithetho elethwa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto eziphilayo.

ULwesithathu, Okthoba 9, 2019

UNkulunkulu Usebenzisa Amandla Onke Akhe Nendlela Enokuhlakanipha Ukunika Zonke Izinto Nokusekela Ukuphila Kwesintu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Ekuqaleni, sikhulume ngendawo yokuhlala isintu nokuthi yini uNkulunkuu ayenza, akulungisa, nabhekana nakho kule ndawo, kanjalo nobudlelwano phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu azilungiselele isintu nokuthi uNkulunkulu ubusingathe kanjani lobu budlelwano ukuze avimbele zonke izinto ukuthi zingalimazi isintu.

UMgqibelo, Okthoba 5, 2019

Inyama, Imithombo Yamanzi Nezitshalo Ezelaphayo UNkulunkulu Azilungisela Isintu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu

Okusanhlamvu, izithelo nemifino, kanye nazo zonke izinhlobo zamantongomane konke kungukudla kwabantu abadla imifino kuphela. Yize kungukudla kwabadla imifino kuphela, kunezakhamzimba ezanele ukwanelisa izidingo zomzimba womuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu akazange athi: “Ukunikeza isintu lokhu kwanele. Isintu singazidla lezi zinto.”

ULwesine, Okthoba 3, 2019

Zonke Izinhlobo Zokudla Okuyimifino UNkulunkulu Akulungisela Isintu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,insindiso

Sikhulume ngengxenye yemvelo yonke, izimo ezidingekayo ukuze umuntu aphile uNkulunkulu azilungiselele isintu njengoba edale umhlaba. Sikhulume ngezinto ezinhlanu, kanti lezi zinto ezinhlanu ziyimvelo yonke. Okulandelayo esizokhuluma ngakho kuhlobene kakhulu nempilo yomuntu ngamunye engokwenyama. Kuyisimo esiyisidingo esiqondene nesihambisana kakhulu nempilo yomuntu enyameni. Le nto ukudla. UNkulunkulu wadala umuntu wambeka endaweni efanele ukuphila.

ULwesibili, Okthoba 1, 2019

Ukubona Ukondla KukaNkulunkulu Isintu Kusukela Esimweni Sokuphila Okuyisisekelo UNkulunkulu Asidalela Isintu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Ningabona yini, ngale ndlela enze ngayo kulezi zimo eziyisihlanu eziyisisekelo ekuphileni kwabantu, lokho uNkulunkulu akwenzele isintu? (Yebo) Okusho ukuthi uNkulunkulu udale zonke izimo ezinkulu eziyisihlanu eziyisisekelo sokuphila kwabantu. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu ubuye aphathe futhi alawule lezi zinto, ngisho namanje, emva kokuba abantu bebe khona izinkulungwane zeminyaka, uNkulunkulu usaqhubeka nokuguqula indawo yabo yokuhlala enikeza ngendawo yokuhlala enhle kakhulu nefanele kakhulu yokuhlala isintu ukuze izimpilo zabo zigcinwe kahle.

ULwesithathu, Septhemba 25, 2019

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Umsindo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Into yesithathu umsindo. Lokhu okunye okufanele ukuthi indawo ejwayelekile ehlala abantu ibe nakho. Umsindo waba khona ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto. UNkulunkulu wawenza kahle kakhulu ngaleso sikhathi. Lokhu yinto ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu nasekuphileni kwabantu futhi. Ukube uNkulunkulu akazange ayiphathe kahle le ndaba yomsindo, yayizoba ingqinamba enkulu ekuphileni kwabantu.