Unyazi LwaseMpumalanga, uNkulunkulu uSomandla ungukubuya okwesibili kweNkosi uJesu. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuthi uNkulunkulu usevelile! Siyabamukela bonke abafuna iqiniso ukuba beze lapha bazobona.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Izimvu ZikaNkulunkulu Zizwa Izwi LikaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Izimvu ZikaNkulunkulu Zizwa Izwi LikaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

UMgqibelo, Januwari 11, 2020

3. Umehluko Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Nomsebenzi WoMoya

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo.

ULwesibili, Januwari 7, 2020

4. Isintu Esikhohlakele Siyidinga Ngokwengeziwe Insindiso KaNkulunkulu Obe Yinyama

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova.

ISonto, Januwari 5, 2020

1. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nowomuntu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando. Lokhu kusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu uwodwa umela ukunyakaza nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kuyilapho umsebenzi wabaphostoli ulandela umsebenzi kaNkulunkulu futhi awusiholi isikhathi somlando, noma akumeli umsebenzi oqhubekayo kaMoya oNgcwele kuso sonke isikhathi somlando. Benza umsebenzi okumele wenziwe ngabantu kuphela, okungabandakanyi umsebenzi wokuqondisa.

ULwesithathu, Januwari 1, 2020

2. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaMoya Ongcwele Nowemimoya Emibi


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu uba ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe esonakele esinobusathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso.

UMsombuluko, Disemba 30, 2019

3. Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

uJesu-uKristu,iNkosi uJesu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi.

UMgqibelo, Disemba 28, 2019

4. Ukuhlukanisa Phakathi Kwezindlela Zangempela Nezingamanga, Naphakathi Kwamabandla Angempela Nawamanga

mvana ka nkulunkulu,Funani uMbuso kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Kufanele nibheke ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele kule ndlela, ukuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngoba isiqu senkolelo yomuntu kuNkulunkulu siyinkolelo kaMoya oNgcwele.

ULwesine, Disemba 26, 2019

5. Umehluko Phakathi Kokulandela UNkulunkulu Nokulandela Abantu.

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu namuhla: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu namuhla. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe.

ULwesithathu, Disemba 25, 2019

6. Ukuhlukanisa Phakathi Kwabaholi Bangempela Nabamanga, Naphakathi Kwabelusi Bangempela Nabamanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke. Phezu kwalokho, bangakhula kancane kancane empilweni, baqhubekele eqinisweni ngokujulile.

ISonto, Disemba 22, 2019

7. Umehluko Phakathi Kwezenzo Zangaphandle Ezinhle Nezinguquko Esimweni

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuguquka esimweni ikakhulu kubhekisele ekuguqukeni emvelweni yakho. Imvelo ayiyona into ongayibona ngokuziphatha kwangaphandle; imvelo ibandakanya ngokuqondile umsebenzi nokubaluleka kobukhona babantu. Ibandakanya ngokuqondile ukubaluleka kokuphila komuntu, izinto ezijulile phakathi komphefumulo, nengqikithi yabantu. Ukuba abantu babengakwazi ukwamukela iqiniso, khona-ke babengeke babe nezinguquko kulezi zingxenye.

ULwesithathu, Disemba 18, 2019

1. UNkulunkulu USomandla UnguNkulunkulu Oyedwa Obusa Phezu Kwezinto Zonke

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Konke lokhu okulo mhlaba kuyashintsha ngokushesha emicabangweni kaMninimandla Onke, phansi kwamehlo Akhe. Izinto isintu esingakaze sizwe ngazo zingafika kungazelele. Kanti futhi lokho isintu okwakulokhu kungokwaso kungavele kusilahlekele singazanga. Akukho namunye ongaqonda ukuthi ukuphi uMninimandla Onke, futhi ngaphezu kwalokho, akukho namunye ongezwa ukuphakama nobukhulu bamandla empilo kaMninimandla Onke.

UMsombuluko, Disemba 16, 2019

2. UNkulunkulu USomandla UyiNkosi UJesu Ebuyile

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi Wakhe weminyaka elandelayo, ngoba konke ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuqhubekela phambili.

UMgqibelo, Disemba 14, 2019

3. Insindiso Ingeza Kuphela Ngokukholwa KuNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu.

ULwesine, Disemba 12, 2019

1. Kungani uNkulunkulu Ethatha Amagama, futhi Kungenzeka Ukuthi Igama Elilodwa Limele Ukuphelela KukaNkulunkulu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ingabe igama likaJesu—“UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu?

ULwesibili, Disemba 10, 2019

2. Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,umusa kaNkulunkulu

Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula?

ULwesihlanu, Disemba 6, 2019

Isahluko 8 Iziphetho Zezinhlobo Ezahlekene Zabantu Nesithembiso SikaNkulunkulu Kumuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Unyazi LwaseMpumalanga,Amazwi KaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi Wami uhlala iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi ngiyethembisa ukuthi ukulawula komubi esintwini sisonke nakho kuyoba ngokweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho, siphelile isikhathi. Angisaqhubeki futhi angisadebeseli manje: Ngezinsuku zokugcina ngizomnqoba uSathane, ngizobuyisela inkazimulo Yami, futhi ngizolanda imiphefumulo Yami emhlabeni ukuze le miphefumulo ekhathazekile ephunyuke olwandle lokuhlupheka, futhi lokhu kuzophothula umsebenzi Wami uwonke emhlabeni.